LIVE CLASSES
CONTACT US
ABOUT US
cropped-cropped-cropped-Orange-Round-Typography-Real-Estate-Monogram-Business-Logo-3.jpg

2023 PRELIM ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL) IPHEPHA LOKUQALA (P1)

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A: ISIQEPHU B: ISIQEPHU C: Isivivinyo sokuqondisisa (30) Ukufingqa (10) Izakhiwo kanye nezimiso zokusetshenziswa kolimi (40) 2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 3. Qala ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA. 4. Dweba umugqa emva KWESIQEPHU NGASINYE. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo kahle ngendlela ezihlelwe ngayo kuleli phepha lemibuzo. 6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Ukwabiwa kwesikhathi okuncomekayo: ISIQEPHU A: ISIQEPHU B: ISIQEPHU C: Imizuzu engama-50 Imizuzu engama-20 Imizuzu engama-50 9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.

YIWO-KE AMA2000 LAWA! 1 Kuningi okwakushiwo ngonyaka wezi-2000 ngaphambi kokuba ufike. Abahlaziyi bezindaba abaningi babesho izinto ezahlukene ngawo. Lo nyaka waqanjwa ngokuthiwa yi-‘Y2K’, kanti kwezinye izindawo wawubizwa ngokuthi yi-‘Mileniyamu’. Kwakungunyaka obhansayo (Leap Year). Isiphithiphithi esikhulu esasikhona ngaphambi kokuba 5 uqale lo nyaka kwakungesokuthi amakhompyutha azoqhuma, izinhlelo zishabalale nakho konke okugcinwe kuwona. Inkampani yocwaningo yakwa-Gartner yabika ukuthi ukulungisa umonakalo ozoba khona kuzothatha izizumbulu ngezizumbulu zemali ngaphambi kokuthi izinhlelo kumakhompyutha zibuyele esimweni esejwayelekile. 10 Abantu babefuna ukukhipha izimali zabo emabhange besaba ukuthi imininingwane yabo nezimali zabo kuzoshabalala. Abanye babenesibindi belangazelela ukubona ukuthi kuzokwenzekani. 2 Ukudideka okwakukhona emhlabeni wonke kwenza ukuthi abacwaningi nabahlaziyi babe nokulangazelela ukubona lesi 15 sizukulwane. Izibalo ziveza ukuthi kwazalwa abantwana abayizigidi ezi-4.6 emhlabeni wonke. AboMnyango wezeMpilo bahambela zonke izibhedlela bethatha imininingwane yabantwana abazalwe ngesikhathi uqala lowo nyaka. Ngokwemibiko uKyle James Phillippi nguyena othathwa njengomntwana owazalwa kuqala esibhedlela 20 sase-West Penn eMelika. Wazalwa sekusele imizuzu eyi-5 ngaphambi kwehora leshumi nambili. Umhlengikazi omkhulu u-Edna Bokaba owayesebenza ngesikhathi kuqala lo nyaka, uthi iChris Hani Hospital yaseNingizimu Afrika yona yamukela umntwana wentombazane owazalwa phakathi kwamabili. Imininingwane 25 yomntwana abakwazanga ukuyiveza ngenxa yemithetho evikela izingane zaseNingizimu Afrika. 3 Ama2000 yigama okwaqanjwa ngalo isizukulwane esazalwa ngonyaka wezi-2000. Elinye igama ababizwa ngalo kuthiwa yi-‘Generation Z’. Kusukela ngalowo nyaka kwabe sekulandelwa 30 ukuthi bazoba ngabantwana abazophila impilo enjani. Okokuqala okwaqashelwa ngukuthi bayisizukulwane esafika ngesikhathi izinga lezobuchwepheshe liqala ukuba phezulu kakhulu. Ngesikhathi sebengena esikoleni abanye babo babesebenzisa ama-iPad kanye nama-iPhone. Ulwazi ababeludinga babeluthola kalula 35 komakhalekhukhwini ngoba ayenezinto eziningi esezifakiwe ezazingekho ungakaqali lo nyaka wokuzalwa kwabo. Abahlaziyi bavumelana ngokuthi lesi sizukulwane sizoba nolwazi olwehlukile. Sizokwazi ukuxhumana kalula nabantu abaningi futhi sizokwenza izinto ezingajwayelekile. 40

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *